Uncategorised

UJACINTA UTHI SEKUNJALO KUSASA

UJACINTA Ngobese-Zuma ongumholi nomsunguli we-March And March. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

UMHOLI nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma uthi akusekho ukujikela ngemuva kwendlu, kusasa njengoba bazobe begcwele emgwaqeni, bemasha benxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo. Nakuba kuke kwaba khona ukuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku ebanqabelile ukuthi bamashe ngalolu suku, kodwa ugcine ekuqinisekisile ukuthi kusasa imashi uzosukela eKing Dinuzulu kusasa ngo-9 ekuseni.

UJacinta uthi ukumasha kuyilungelo labo futhi akekho umuntu ongabanqabela ukuthi bamashe, ngisho uMengameli imbala akanalo ilungelo lokwenza lokho. “Siyamasha kusasa. Umsebenzi wamaphoyisa ukuthi abe kanye nathi ngesikhathi simasha hhay ukuthi asinqabele ukuthi simashe,” kusho uJacinta. Uncome uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngokuhlala nabo phansi abalalele kwabakhala ngakho aphinde angenelele.