INKAKHA YE-SUNDOWNS IFUNA KUHLAKAZWE ITHIMBA LABAQEQESHI

UMBIKO : MABUNHLE MLABA
INKAKHA kakha yeMamelodi Sundowns uJoel “Fire” Masilela isiphakamise ukuthi kuhlakazwe ithimba labaqeqeshi kukhonjwe indlela neSporting Director uFlemming Berg.
UMasilela ubephefumula ngemuva kokuhlulwa kweSundowns iPyramids FC kwifayinali ye-CAF Champions League ngempelasonto. U
Umqeqeshi uMiguel Cardoso kuphuzwa itiye ngaye kulezi zinsuku ngesinqumo esishaqisile sokungasidlalisi isethenjwa uThemba “Mshishi” Zwane ekukholakala ukuthi ubezofika noshintsho. Ezinkundleni zokuxhumana abaningi bakholwa ukuthi uZwane ukube wafakwa, wayezofike agqobhoze udonga lwePyramids FC olwasefaniswa nolwaseJerikho. Ekhuluma ohlelweni kwezemidlalo kuRadio 2000, uMasilela akasinisanga amahleza.
“Iqiniso asidlalanga neze kahle. Asidlalanga njengeBarcelona nePSG abadume ngokulidlisa utshani kuyiwe phambili kuyoshaywa amagoli. Noma singakorelwa amagoli amabili kodwa nathi siyakwazi ukushaya noma amanye ngoba sibizwa ngamaBrazillians. Muva nje sesidlala into engaqondakali. Angazi ngempela waqashwa kanjani uFlemming ngoba akalwazi usiko mpilo leSundowns njengoba eqhamuka phesheya. Ithimba likaCardoso kumele ligxekwe kakhulu bese lithathelwa izinyathelo ngoba lisenzele phansi,” kusho lenkakha eyayingaconsi phansi kubalandeli beDowns ngenxa yengcwenga yebhola eyayilidlala ngama 90s.
