UBUSO OBUSHA KWI-GENERATIONS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ISIZOSHAYA ngobuso obusha iGenerations: The Legacy ebalwa neminye imidlalo ehamba phambili kwa-SABC 1. IMorula Pictures ekhiqiza lo mdlalo ovela kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu le-20h00 imemezele ukuthi isilande oTinah Mnumzana, Nozuko Ntshangase, Phillip Tipo Tindisa noSannah Mchunu.
Le nkampani ithe laba balingisi bazofika bayishukumise ngenxa yamakhono abanawo ngokwahlukana.
UMnumzana uzolingisa indawo ka-Ausi Nokwazi Lukhozi, lapho ezobonakala khona esebenzisa ubuhlakani bakhe nobuhle bushiye abantu bezisola. UNtshangase yena uzodlala ekaVuyelwa Nxumalo, oyintatheli enofuqufuqu esencane. Njengoba afunda ezikoleni eziphezulu, uVuyelwa unephupho lokubamba uhlelo lwakumabonwakude olugxile ekuphenyeni kanzulu. UTindisa uzobonakala edlala indawo kaDonald Brave, osedlule ebunzimeni obukhulu kodwa osaphokophele phambili ekufezeni amaphupho akhe. Ukushizila kwakhe ngempilo kufakazelwa ukuthi usebuya ngisho kosebenza ezimayini ko-zama zama. Bonke laba balingisi abasha baveze ukukujabulela ukuba ingxenye yalo mdlalo onesikhathi eside kwa-SABC. Njengoba bezongena nje, alaziwa ikusasa lika-Andile Nebulane noPearl Noxolo. U-Andile udlala eka Detective Malinga kanti uPearl udlala eka-Dkt Sphesihle.
