Uncategorised

UMEYER UNXUSE UHULUMENI UKUBA ULALELE IZIDINGO ZABANTU

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer uthe uhulumeni kufanele uzifundise ukulalela izidingo zabantu, uphinde uwazise ngezinhlelo ozihlelayo noma eziqhubekayo. Lokhu ukusho ngesikhathi evakashele ihhovisi labezindaba Umusa Media izolo, eThekwini.

UMeyer uthe uMnyango wakhe ukubeke eqhulwini ukwazisa umphakathi ngezinhlelo ezintsha, eziqhubekayo kanye nezimali ezibekelwe amaphrojekthi athize. Uthe konke lokhu uzibambela yena mathupha.

“Leli yivangeli engihlezi ngilishumayela kuzo zonke izindawo engihamba kuzo, ukuthi uhulumeni awulalele izidingo zemiphakathi, usebenzele phezu kwazo. UMnyango enguwuholayo uqale umkhuba omusha wokuthi uhambele imiphakathi silalele izidingo zayo. Uma sesiyenzile ibhakjethi, siyihambisa emiphakathini ngenhloso yokuzwa imibono eyibekayo. Lokho ngikwenza siqu sami, futhi ngizama ngawo wonke amandla ukuthi uhlahlomali ngiluchaze ngendlela elula nezokwenza ukuthi nesinedolo siyizwe, ” kubeka uMeyer.

Uqhube wathi okunye abakwenzayo ukuthi uma unyaka sewuzophela, babuyela emiphakathini bephethe uhlu lwamaprojekthi abawathembise imiphakathi unyaka uqala. ” Sitshengisa umphakathi wonke amaphrojekthi aphothulwe ngempumelelo, nasaqhubeka, ” esho.