IVULWE NGOKUSEMTHETHWENI I-AFRICA’S TRAVEL INDABA

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa evula ngokusemthethweni i-ATI, eThekwini.
ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UBE impumelelo owokuvulwa kowe-Africa’s Travel Indaba, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini namuhla.
Lo mcimbi obekuwusuku lwesibili uqalile uvulwe ngokusemthethweni uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa.
Isiqubulo sakulo nyaka se-ATI sithi ‘silubeka obala ushintsho oluza nezokuvakasha kuleli’. Okubalwa ukunyuka komnotho, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukisa osomabhizinisi abancane. IMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba wamukele uMengameli ngokukhethekile wagcizelela ushintsho oluza nezokuvakasha.
“I-Africa’s Travel Indaba iyaqhubeka nokuklama indima kwelakuleli. Idolobha iTheku ilona elihamba phambili ngokuba nezivakashi kwelakuleli, lokho kusho ukunyuka kwezomnotho, nokuba nobudlelwane namazwe aphesheya,” kubeka uXaba.
UMengameli wezwe uncome kakhulu ozakwabo ngomsebenzi omuhle abawenzayo, kwezokuvakasha kanye nabantu base-Ningizimu Afrika abanamakhono ahlukahlukene abenza izivakashi zikulangazelele ukuza kuleli.
“Asingagcini ngokuncoma ulwandle, izintaba kanye nezakhiwo ezinhle zakuleli, kodwa asibaqhakambise abantu abanamakhono. Nabo baklama indima enkulu kwizivakashi lapho sibala abaculi, abadansi, abadwebi nabanye abaningi. Ezokuvakasha ngizifanisa nesibuko sezwe, uma lehla izinga labavakashayo kusho ukuthi kukhona lapho esingenzi khona kahle, kodwa uma lenyuka izinga kuhamba kahle konke,”kuqhuba uMengameli uRamaphosa.
