AMAKHOSI ASENDLUNKULU AFUNDISWE NGEZINHLEKELELE

IPHINI leMeya yeTheku uCllr Zandile Myeni ethula inkulumo yakhe.

AMAKHOSI aqhamuka kwizizwe ezihlukene ngaphansi kukaMasipala weTheku. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
AMAKHOSI asendlunkulu athole ithuba eliyingqayizivele, lokufundiswa kabanzi ngezinhlekelele ezihlukahlukene okubalwa izikhukhula, isishingishane somoya esihambisana nokuduma kwezulu nomlilo eequbula, angaphansi koMkhandlu weTheku, namhlanje eCivic Centre, ePinetown eThekwini.
IPhini leMeya yeTheku uCllr Zandile Myeni uthi bewuMasipala weTheku bakubone kubalulekile ukuthi bacobelelane ngolwazi baphinde bafundisane, ngokuthi bangazilungiselela kanjani njengomasipala kwizinhlekelele ezikhona. “Kulo masipala sesibe nezinhlekelele eziningi, ngemumva kokuthi sezenzekile siyaye sibheke ukuthi yini esingayenza ukuze uma ziqhubeka zifike sisendaweni ekahle, ukuthi sibhekane ngqo nazo. Sibonile ukuthi lapha e-Afrika kunokuguquguquka kwesimo sezulu lapho sibona khona imvula enamandla nangesikhathi okungeyiso semvula, umlilo nezinhlekelele ezihlukahlukene ezigcina ziholela ekudluleni kwemiphefumulo yabantu. Zonke lezi zinhlekelele zisikhombisa ukuthi kufanele senze kangcono uma sihlela,” kuchaza iPhini leMeya uMyeni.
Uqhube wathi abachwaningi bahlale besho ukuthi iTheku lisengcupheni yezinhlekelele.
Uthi izinhlelo zokuxwayisa ziyafuna ukuthi kubanjiswane namakhosi nezinduna ukuze nabo babe nolwazi abazoludlulisela emphakathini.
“Uma amakhosi enemicimbi ezindaweni zawo, sizokhuleka ukuthi nalo lolu daba lwezinhlekelele lungasali ngoba udaba oludinga ukuthi sonke sazi ukuthi umphakathi kufanele uziphathe kanjani uma kuhlasela izinhlekelele. Sizokhanda ubudlelwano nani Makhosi aseNdlunkulu obungcono kakhulu neminyango kahulumeni ngoba uma kunenhlekelele iNkosi ayingezwa ngenzwa bethi bekukhona iPhini leMeya neKhansela ekubeni yona ingatshelwanga lutho,”kuphetha iPhini leMeya uCllr Myeni.
Lo mcimbi ubuhanjelwe iNkosi Simingaye Mlaba, amakhosi nawakwezinye izindawo, izinduna neminyango yezinhlekelele
