Uncategorised

I-CHIEFS IZOBHEKANA NELASE-SWATINI KWI-MANGOSUTHU CUP

MABUNHLE MLABA
KUZOQOPHEKA umlando iKaizer Chiefs iba ingxenye yePrince Mangosuthu Legacy Cup okokuqala njengoba yethulwe namaqembu amane azodlala kulo mqhudelwano ngoMandulo mhla ziyi-11 Olundi.
Lo mqhudelwano wenzelwa ukuhlonipha umsunguli weNkatha Freedom Party uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Lo mqhudelwano wethulwe ngokusemthethweni oLundi Garden Court kanti ubuhanjelwe nayiMeya yaseZululand uMkhonyovu Khumalo nezikhulu zamaqembu.
IChiefs izodudulana neNsingizini Hotspur yaseSwatini emdlalweni wesibili wosuku ngo ngo-12 emini.
Ekuseni ngo 9am amazolo azobhulwa iNjampela FC edlala ku-ABC Motsepe League naMaZulu FC.Okhulumela iChiefs uVina Maphosa uthe bazofika neqembu eliqinile kulo mqhudelwano ngoba behlonipha ubukhulu bukaShenge.
Ngesikhathi ekuzodlalwa ngaso kuzobe kuyiFIFA calendar lapho amazwe azobe ematasa nemidlalo yokuhlungela iWorld Cup neminye imiqhudelwano.
Umdlalo wamanqamu uzoba ngo-4 ntambama kanti kulindeleke iPrince Mangosuthu Stadium igcwale phama kwazise abantu basoNdini namaphethelo abavamisile ukubuka ibhola leqophelo eliphezulu.