I-CIDB IZOHLOMISA OSONKONTILEKA ABASAFUFUSA NGOLWAZI

UMNUZ Bongani Dladla oyisikhulu esiphezulu kwa-CIDB.

UMNUZ Khulile Nzo onguSihlalo kwa-CIDB. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
ICONSTRUCTION Industry Development Board (CIDB) iyaqhubeka nokuphakamisela phezulu ifulegi lokuthuthukisa osonkontileka abasafufusa, kulandela Lokhu ukuthi abakwa-CIDB ngokubambisana neNyuvesi yaseGauteng (UJ), bazokwethula ngokusemthethweni uhlelo lwabo lwe-Certificate in Construction Management (CCM) ngoLwesibili, mhla ziyi-7 kuNtulikazi 2026, ngehora lesi-7 ekuseni eCoastlands Musgrave Hotel, eThekwini.
Lolu hlelo luhlose ukuqeqesha nokuthuthukisa osonkontileka abasafufusa ngamakhono okuphatha amabhizinisi, amaphrojekthi kanye nemisebenzi yokwakha, ukuze bakwazi ukuletha umsebenzi osezingeni, bathuthukise ukuphathwa kwamabhizinisi abo futhi bakwazi ukuncintisana emkhakheni wezokwakha.Ngalolu suku uNgqongqoshe woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz uMartin Meyer uzokwethula inkulumo yakhe yosuku, lapho ezogcizelela khona ukubaluleka kokuthuthukiswa kwamakhono osonkontileka.
USihlalo webhodi le-CIDB uMnuz Khulile Nzo, uthi lolu hlelo luyingxenye yemizamo yokuguqula nokukhulisa imboni yezokwakha eNingizimu Afrika.“ICertificate In Construction Management izobhekana nezinselelo eziningi ezibhekene nosonkontileka abasafufusa, okubalwa ukuvala igebe eliphakathi kwamakhono obuchwepheshe nokuphathwa kahle kwamabhizinisi. Bazohlomisa ngamakhono okuphatha amabhizinisi abo ngendlela engcono. Asingabazi nakancane ukuthi le mboni izosimama”, kusho uMnuz uNzo.
