INDIDA I-US IHOXISA IVISA KA-PANDOR

UNALEDI Pandor okuhoxiswe iVisa yakhe yi-US ngaphandle kokumnika isizathu sokuthi kungani iyihoxisa. ISITHOMBE: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
UBHEKENE nengwadla owayenguNgqongqoshe wezobudlelwano baMazwe Omhlaba, ophinde abe nguSihlalo we-Nelson Mandela Foundation uNaledi Pandor kulandela ukuthi i-United States ihoxise iVisa yakhe.
UNaledi Pandor utshele abezindaba ukuthi uthole i-email evela e-US Consulate imazisa ngesinqumo sokuhoxiswa kweVisa yakhe, kodwa asikho isizathu esichazayo ukuthi kungani.
Uthi okwamanje usadidekile ukuthi kufanele aqale phansi afake isicelo seVisa entsha noma bayeke kanjalo.
UPandor usanda kubuya e-US njengoba ebevakashile kulandela ukuthatha kwakhe umhlala phansi kwezepolitiki ngonyaka odlule, wabe esenikezwa iVisa yokungena ahlale isikhashana kulela lizwe. Ngenyanga kaNtulikazi uNaledi, wethula inkulumo e-United Nations, eNew York ngosuku lokuzalwa kukaMnuz Nelson Mandela olugujwa umhlaba wonke, okuyilapho acela umhlaba ukuthi ube nobulungiswa nokubonelelana.
