Uncategorised

KUBUYISWA UBUNTU NGOKUDLALA IMIDLALO YE-IG

ONGEZIWE NTONDINI

ISASASA kwethulwa ngokusemthethweni imidlalo yendabuko ebizwa nge- Indigenous Game (IG) KwaZulu-Natal, e-Ugu Sports and Leisure ngoLwesibili.
Le midlalo esingathwa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, izoqala mhla ziyi-24 kuMandulo iphele mhlaka 26, izodlalelwa e-Ugu Sports and Leisure Centre.
Le midlalo idlalwa yizo zonkr izifunda exiyi-11 kulesi sifundazwe.
Phakathi kwemidlalo ezokuba khona kubalwa ukhokho, ushumpu, induku, amagenda nomlabalaba, okuyimidlalo enesiko elijulile emphakathini wakuleli.
UNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula uthe lo mqhudelwano awugcini nje ngokuba yindumezulu yezemidlalo kuphela, kodwa uyinkundla yokugcina amasiko, ukukhulisa intsha, nokwakha umphakathi.
“Ngale midlalo sigcina okungamagugu nokugcina isikompilo ebekuphilwa ngalo kusadliwa ngoludala. Sakha ubunye phakathi kwemiphakathi ehlukene esifundazweni sethu,” esho.

Lo mcimbi ulindeleke ukuthi uhehe abantu abaningi, kuhlanganise nemindeni, abafundi, nabathandi bemidlalo, njengoba usuqinisekise indawo yawo njengengxenye ebalulekile ekugcineni amasiko ase-Afrika ephila.