Uncategorised

UKHAWULA NOHLELO OLUSHA LOKUFUKULA ABACULI BASE-KZN

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ubengomunye obehambele umcimbi weqembu Amaviyo.

AMAVIYO eqhulula amanoni a kwi-albhamu yawo ethi Zulu Omnyama IZITHOMBE: KZNDSAC

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE woMnyango Wezemidlalo, ezoBuciko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe uhlelo lwabo lokwelekelela abaculi ukuthi bazikhangise nomsebenzi wabo seluqalile. Lokhu ukusho ngesikhathi ehambele umcimbi weqembu Amaviyo ebelethula i-albhamu yalo, eDUT Courtyard Theatre, ngeSonto.

“Kulolu hlelo esiluqalile umculi ukhetha noma iyiphi indawo ayithandayo, abize abantu, okwethu ukukhokha zonke izindleko. Yonke inzuzo azoyenza thina asitholi lutho, kodwa kuba ngeyakhe yonke. Konke lokhu kwenzeka kuphela uma umculi ezocula bukhoma kuphela (live). Sithe uma siluqala lolu hlelo insizwa yokuqala eyaphakamisa isandla ilena esishiyile, uScebi Dlamini owaziwa ngeleNkosi yamagcokama. Omunye osesiphakamisile isandla uBahubhe,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.

Uqhube wathi kunezinye izinhlelo abeza nazo okubalwa umcimbi wokuvala inyanya yabantu besifazane, ozoba zingama- 22 kuyona lenyanga. Nomunye ozoba mhla zi-5 kuMandulo la okuzobe kuqhathwe khona izikhungo zemfundo ephakeme ngengoma. Neminye ebandakanya amatshitshi njengoba kuza umhlanga.