Uncategorised

ITHEMBA KWETHULWA IZITESHI ZAMAPHOYISA EZIYI-4

ANELE ZUMA

INHLOKOMO kwethulwa ngokusemthethweni iziteshi ezingo mahambanendlwane ezine KwaZulu-Natal, ngenhloso yokuthuthukisa imizamo yokulwa nobugebengu.
Lezi ziteshi ezithulwe ngokusemthethweni uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, eMayville eThekwini.
UNtuli uthi loluhlelo ludle imali engaphezulu kukaR6 million, phakathi kulaba omahambanendlwane kuqinisekisiwe ukuthi ezobuchwepheshe zisengeni eliphezulu ngisho indawo yokugcina iziboshwa.
“Lezi ziteshi kuhlonzwe ukuthi ziye endaweni eziyisizinda zobugebengu okubalwa Inanda, KwaMakhutha, KwaMbonambi naseBulwer. Sinethemba lokuthi uma sekuthulwa izibalo zobugebengu kuzobe kunciphile kulezi zindawo. Lezi ziteshi zozokwenza amaphoyisa angaswelakali emphakathini futhi zizonciphisa ukuhamva kwabantu amabanga amade uma befuna usizo lwamaphoyisa,” esho.
UGen Phumelele Makhoba oyisekela likaKhomisha KwaZulu-Natal ukushayele ihlombe okwenziwa uNdunankulu Ntuli, wathi bazoqinisekisa ukuthi ziphathwa ngendlela efanele futhi zenza umsebenzi wokulwa nobugebengu.
Abezinhlaka zokulwa nobugebengu baluthakasele kakhulu lolu hlelo, bathi lizokwehlisa umthwalo emahlombeni wabo nomphakathi uzophepha.