IMEYA YABAQULUSI KUMKHANKASO WOKUVIKELA IZINGANE

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi iyala abafundi baseMgobhozi Primary School. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, ivakashele isikole samabanga aphansi iMgobhozi Primary School, njengoba kuyinyanga yokuvikela izingane (Child Protection Month), ngoMsombuluko.
IMeya igqugquzele odado ukuthi babike ngokwenzeka kubona okubahlukumezayo, okungabaphathi kahle noma abangathandi.
Ugqugquzele ukuthi babikele lowo abamethembayo okungaba uthisha noma abazali, uma kunento ebahlukumezayo okungaba emzimbeni wabo noma emoyeni.
Ithi ziningi izindlela zokuhlukunyezwa kwezingane, okungaba amagama aphula umoya wezingane, ukushaywa ngendlela embi kanye nokuncishwa ukudla njengoba kuyilungelo labo ukuthi banakekelwe, kwazise nohulumeni uyabapha imali yesondlo sabo.
“Zingane zami uma abazali behluleka ukunenzela ezinye izidingo ngenxa yokushoda kwemali ningasho ukuthi bayanihlukumeza, kufanele nazi ukuthi amandla abazali awalingani futhi namakhaya awafani,” kusho iMeya iyala abafundi.
Uthishanhloko nothisha babonge iMeya uMkhwanazi ngokushiya konke okubalulekile, baqome ukuzovakashela abafundi bakulesi sikole.
