UZOVELA ENKANTOLO NGO-MASINGANE OSOLWA NGELOKUBULALA OMZALA

UTEBOGO Mnisi obekhihla esikaNandi enkantolo. UTshaimo noBaleseng abangomzala abadutshulwe bafela endaweni yesigameko. ISITHOMBE:FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KUTHUSE abaningi ngesikhathi, uTebogo Mnisi (38) osolwa ngecala lokubulala amantombazane amabili angomzala aseMamelodi okungu-Tshiamo (22) kanye no-Baleseng Moramaga (21), ovele wakhihla eseNdlovukazi uNandi, ngesikhathi evele enkantolo.
Ukukhala kukaTebogo oyi-bouncer kwenye indawo yobumnandi kushiye abaningi bezibuza ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi ngabe ubekhaliswa ukuzisola noma ukhaliswa ukuthi icala lihlehlele umhla-19 kuMasingana 2026.
Kubikwa ukuthi uTebogo uqolwe amantombazane ayi-3 imali engango-R10.000, abaphuzise ngayo ngethemba lokuthi uzohola omunye wabo, okwaphuzwa kwaze kwashaya ihora le-4 ekuseni.
Kuthiwa kuthe sekumele oyedwa kubona ahambe noTebogo wamgabha, ube esewakhipha emotweni, wavulela ngenhlamvu, omunye wadubuleka ekhanda omunye esifubeni, kwathi lo osindile wadubuleka esiswini.
Amaphoyisa abe esekhipha umklomelo ka-R250.000 kumuntu ozothola umkhondo womsolwa, wagcina etholakele waboshwa.
