Uncategorised

EYAMA-SALGA YAMUKELWE NGOMVILIYELO

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UHULUMENI nezinhlangano ezengamele ezemidlalo bathi sebekulungele ukusingatha imidlalo iSALGA KZN DSAC Games.
Le midlalo isingethwe uMkhandlu weTheku kulo nyaka,

le midlalo izosingathwa uMkhandlu weTheku yethulwe ngokusemthethweni ngesonto eledlule.
Namuhla kulindeleke ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamisanqa Ntuli, avule ngokusemthethweni le midlalo yeziFunda zalapha eKZN eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz uMntomuhle Khawula uthe bewuMnyango sebekulungele ukusingatha imidlalo yamaSALGA KZN DSAC Games 2024 abawuhlela ngokubambisana iSALGA KZN noMasipala weTheku.

“Sizoqinisekisa ukuthi imidlalo nokudlalisa kuhamba ngendlela.Siwumnyango nezinhlangano zemidlalo zonke sikulungele ukusingatha izinhlobo zemidlalo ezingu-14 ezizobe zidlalwa. Zonke izinhlangano ezingu-14 ezisingethe izinhlobo zemidlalo, sezinzezile izinhlelo zokuthi zibekhona,” kusho uNgqongqoshe Khawula.
Le midlalo izovalwa ngendumezulu yomcimbi ozoba ngeSonto mhlaka 8 December, eNkosi Albert International Convention Centre, eThekwini.