KUBOSHWE IPHOYISA KUMKHANKASO WOKULWA NOBUGEBENGU E-KZN

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma namaphoyisa kaMasipala weTheku beqhuba umkhankaso obizwa #NenzaniLaEzweni. IZITHOMBE: KZNDOT
NOMCEBO NGEMA
KUBOSHWE Iphoyisa ebelihamba ngemoto ebilayishe izibhamu ezingekho emthethweni, nezinhlamvu ezingaphezu kwama-800 eMarianhill Toll Plaza ngoMsombuluko .
Lokhu kwenzeke ngesikhathi, kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa aKwaZulu-Natal wokulwa nobugebengu, lapho kuboshwe leli phoyisa, nowesilisa okusolwa ukuthi udayisa izikhali,
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, uthi abafuni imigwaqo yakuleli ibe imzila yokushushumbisa izinto ezingekho emthethweni. “Izibhamu nezinhlamvu kudlala indima enkulu kudlame nasebugebengwini. Kulomkhankaso asigcinanga ngokubopha abasolwa ababili kodwa siphinde sabopha abasolwa abathathu ebebezenza amaphoyisa, bephethe namakhadi omgunyathi aqinisekisa ukuthi bangamaphoyisa ngampela,” kuchaza uDuma.
Uqhuba wathi abasolwa ababili bezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu bahlulekile ukuveza imibhalo esemthethweni edingekayo ngaphansi kwe-Firearms Control Act. Uphinde waqinisekisa ukuthi abasolwa baboshiwe njengoba uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale umsuka kanye nendawo obekuhloswe ukuthi zibheke kuyo lezi zikhali nezinhlamvu.
