Uncategorised

UKUHOXA KUKAKHUZANI MPUNGOSE KOWOKHOZI  KUKHULELWE

UMBHALO: ZETHU PHOSWA
newsroom@selectafricanews.co.za

ISIHLABANI somculo kaMaskandi uKhuzani Mpungose uthi uyahoxa emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM ngoba uyacindezelwa kulo msakazo.

Lo mculi odabuka eNkandla ukhulume kanje izolo ekhasini lakhe laku-Facebook.

UKhuzani usehlukanise unyaka kabili oKhozini ngonyaka ka-2020 ngengoma ethi “iJele” nangonyaka owedlule ngengoma ethi” Umjolo lowo”.

Echaza kabanzi uKhuzani uthi selokhu ahlukanisa unyaka ngengoma ethi uMjolo lowo, uMphathi woKhozi FM uNks uSibongi Ngcobo waba nengcindezi ngemuva kwezinsolo zokuthi lo msakazo ucheme naye(uKhuzani). 

“UMaNgcobo usenze konke ukukhombisa abalaleli ukuthi akukho ukuxhumana okukhona phakathi kwami naye. Izingoma zami azidlalwa emsakazweni uKhozi FM, sengithintwe abantu abaningi abasuke beye ohlweni uSigiya ngeNgoma bathi uma becele izingoma kuthiwa anime ngalowo. Ngaze ngacela umhlangano naye uMaNgcobo ngambuza ukuthi kungani ngicindezelwa emsakazweni,” kusho uKhuzani. 

Eqhuba lo mculi uthe usekhethe ukudedela abanye abaculi ukuthi nabo bahlukanise unyaka. Wathi uyacela uKhozi FM ludlale ingoma kaJumbo ethi “Noma ungamavala” nasola ukuthi ivinjwe ngoba nakho kumpikwe yena (uKhuzani) kuyo. 

UMphathi woKhozi FM wacela abalaleli ukuba bakhetha ingoma ejabulisa abantu unyaka wonke. Wathi abantu abavotele ingoma emnandi bengavoteli umuntu abamthandayo. 

Le nkulumo kubukeka sengathi yahlaba yephukela kuKhuzani ongomunye wabaculi onabalandeli abaningi.