
ITHEKU SELIKULUNGELE UKUSINGATHA IZIVAKASHI
UMkhandlu waseThekwini oholwa uMeya uKhansela Cyril Xaba namuhla umemezele ngokusemthethweni ukuthi lo Mkhandlu usukulungele ukusingatha izivakashi ngesikhathi samaholidi.
Ekhuluma eWahooz Shaka Marine World, eThekwini uMeya UXaba uthe, beyiTheku balindele izivakashi ezingaphezulu kuka 1.3 million kusukela ngeSonto mhlaka 1 December 2024 kuya mhlaka 4 January 2025.
Uveze ukuthi bazo qhubeka nokuqinisa ezokuphepha, ezeseka ngelithi uMkhandlu wengeze amaphoyisa angu-500.Wathi ukwenyuka kwesibalo samaphoyisa kuhambisana nokukhushulwa kwesibalo sezimoto zamaphoyisa aloMkhandlu ezingaphezu kuka-170 ezethulwe ngokusemthethweni.
“Amaphoyisa azobe esebenza elekelelwa ngamakhamera aqaphe ubugebengu endaweni yethu. Ezokuphepha zizobe ziqinile nasolwandle njengoba sikhiqize amabhande asesihlakaleni adlule ku-200 000 azofakwa zingane olwandle khona olwandle, sizophinde sibe namatende azobe eqaphe izingane ezizobe zidukelene nabazali. Nangalesi sikhathi siyaqhubeka nokunakekela amanzi asolwandle, njengamanje sivule izindawo zolwandle ezingu-19 nezindawo zokubhukuda ezingu-30,”kusho uXaba.
