BANYELWE INYONI EZANDLENI ABAFUNDI BASE-BAQULUSINI

UMFUNDI Kwanele Nkwanyana ebonga uMasipala waseBaqulusini. ISITHOMBE:UMASIPALA WABAQULUSI
ZETHU PHOSWA
UTHWESE uphaphe lwegwalagwala uMasipala waseBaqulusini, othisha nomphakathi wangakubo umfundi uKwanele Nkwanyana, ngesikhathi beklonyeliswa yilo masipala ngokuphasa ngamalengiso umatikuletsheni wabo,
eCecil Emmet eVryheid izolo.
UKwanele Nkwanyana obefunda e-Isolomuzi Senior Secondary okuyena oqwaqwade bonke abafundi ngaphansi kwalomasipala ubonge othisha, umasipala ngokubeseka kukhona konke.
“Ingane akuyona eyomzali wayo kuphela kodwa ukuze ikhule kahle kufanele ibe ngeyomphakathi, ukuze kuvaleke zonke izingxenye zokukhula kwayo. Lokhu okwenziwe yilo Masipala waseBaqulusini kuyakufakazela ukuthi imfundiso yasekhaya ikhuliswa ngothisha, umphakathi ngoba unabantu esibukela kubona. Umasipala uba ngamasu okusihlangabeza siyintsha ukuze sifunde, sikwazi ukushintsha impilo yethu, inhlalo yasemakhaya, sikhuphule indawo yangakithi nathi sibo yisibuko kwabasilandelayo,”kubeka uKwanele.
Uthi lokhu okwenziwa umasipala kuzohamba igxathu elikhulu kubona.
Lo masipala waseBaqulusini ulekelele abafundi abangama-60 abadonsa kanzima emakhaya, naukuze bayoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme ngemali engango-R5000 umfundi ngamunye nabayi-20 abaphase kahle umatkuletsheni.
IMeya Cllr Sifiso Mkhwanazi uthi Lokhu bakwenze ngenhloso yokwenza umehluko entsheni, njengokuzibophezela bengumasipala ukuthuthukisa intsha.
