IMEYA INXUSA IMINYANGO KAHULUMENI ISONDELE EZINDAWENI ZASEMAKHAYA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza ngesikhathi ikhuluma nomphakathi.

UMNYANGO wezeMpilo uhlinzeka ngosizo lwezempilo oluhlukahlukene kumalunga omphakathi. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza unxusa iminyango kahulumeni, ukuthi isondeze izidingo emphakathini, ukuze usizakale ikakhulukazi njengoba izindawo zaseNkandla ziqhelile emadolobheni amakhulu, okuyilapho iminyango eminingi izinze khona. IMeya isho lokhu izolo ngesikhathi ihambele indawo yaseThalaneni ku-ward 4 neminyango kahulumeni belethe izinsiza ezihlukahlukene.
Phakathi kweminyango ebikhona kubalwa uMnyango wezeMpilo obuhamba nomtholampilo ongumahamba nendlwane, odokotela nabahlengikazi ngaphansi kwesibhedlela saseNkandla, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi nawo ubukhona nosonhlalakahle, ebebezolekelela ngolwazi nezinsiza ezidingwa amalungu omphakathi, uMnyango wezoMthetho naMaphoyisa asesiteshini saseNkandla, bebekhona ukufundisa nokukhumbuza abantu ngezomthetho kanjalo namalungelo abo.
Abezomthetho banxenxe izakhamuzi ukuthi zigonyuluke ngezinkinga ezidinga izixazululo zomtheth, kungaze kugcine kuvela umonakalo omkhulu emakhaya.
Bekukhona nezinhlaka ezibalulekile nezidingwa umphakathi okubalwa uLifeline Zululand, ABSA Bank, Sizanani Outreach, Umfolozi TVET, Inkosinathi School of Discovery, I-IEC nezinye.
Amakhansela omkhandlu okubalwa nelewadi ebeyingxenye yalolu hlelo, nabasebenzi bomkhandlu waseNkandla.
Kukhuzwe isihlava sodlame oludla lubi eNingizimi Afrika noseluchaphazele izindawo eziningi zasemkhaya okubalwa neNkandla.
