Uncategorised

OWOKHOLO UBONGA UKUGCINWA UNKULUNKULU

USgwili uzobungaza iminyaka engama-20 esemculweni. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

ISIHLABANI somculo wokholo esesizakhele igama kule ndima sithi sibonga uNkulunkulu kuzona zonke izinkinga asidlule kusona.

USgwilisendoda Zuma kodwa owaziwa ngelikaSgwili endimeni yomculo wokholo usho kanje ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSelect TV kanye nephephandaba uMusa njengoba ezoba nendumezulu yomcimbi wokubungaza iminyaka engama-20 esemculweni, ezoba ngomhlaka 08 November 2025, eRoyal Show Ground eMgungundlovu.

USgwili uthi impilo yakhe ibe nobumnandi, ubuhlungu, ubunzima kanye nokukhashelwa. “Ngifike lapha eThekwini ngonyaka ka-2005, ngiyakhumbula ukuthi ngifika lapha nganginemali engango-R40. 00 ephaketheni wokugibela itekisi ngisuka ekhaya ngehla ePinetown, ngasuka ePinetown ngehla eThekwini emakethe. Ngiyakhumbula ukuthi ngathi ngifika lapha eThekwini ngangingasenayo imali yokuphindela emumva ngoba umuntu engangizohlangana naye wathi ukulibaziseka,” kuchaza USgwili.

USgwili waqala wasebenza noMnu Themba Mpanza owayengu- projusa ngaphansi kwenkampani iTripless G. “UMnu Mpanza ungithole ngicula nekhwaya ngonyaka ka- 2005, wangithatha wangiyisa estudio eFolweni ngarekhoda i- albhamu yami yokuqala ngabuyela ekhaya. Yaqala lapho iminyaka engama-20 engizoyibungaza ngoNovember. Ngonyaka ka-2006/2007 uMnu Mpanza wadutshulwa eGingindlovu okuyilapho esase sizinze khona kwangiphoqa ukuthi ngibuye ngizozama impilo lapha eThekwini nokuyilapho engahlangana khona noRoberto, Nolwazi Mngomezulu, Babo Ngcobo kanye nabanye abaculi abaningi,” kuqhuba uSgwili.

Uqhube wathi wabe esehlangana nomama uNxasana benza i-albhamu yakhe yesibili esihloko sithi “Umhlatshelo”. Ube esenxenxa abantu ukuba baphuthume bathenge amathikithi ukuze bezoba ingxenye yendumiso.

Amathikithi asekhona ePicknPay, Boxer kanye naseWebtickets, iGeneral ngoR200 ebese kuthi iVIP ibe nguR350.