UVUSELELE INKONTILEKA YAKHE OWAKULELI OBEFUNWA I-SUNDOWNS

KUPHELILE ukuqagela ngekusasa lika-Antonio Van Wyk kwiSV Ried yase-Austria.
ISITHOMBE : SV Ried FC
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU lase-Austria, iSV Ried, selithathe isinqumo ngekusasa lomdlali wakuleli u-Antonio van Wyk, obesemataniswa kakhulu neqembu laseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns.
UVan Wyk wajoyina iSV Ried ngo-2024 esuka kuStellenbosch FC edlala kwiBetway Premiership, kanti selokhu wafika kuleli qembu usebe ngumdlali obalulekile njengoba eseshaye amagoli amathathu wanikela, wakhela ozakwabo amane emidlalweni engu-23 kule sizini.
Kubikwa ukuthi iSundowns ike yaxoxisana neSV Ried ngenhloso yokusayinisa lo mdlali, kodwa leli qembu lase-Austria lasinqaba leso siphakamiso, lacebisa ukuhwebelana ngabadlali, lapho iSundowns bekumele inikele ngoSiyabonga Mabena kanye nemali eyengeziwe. Nokho, iSundowns nayo kubikwa ukuthi ayizange ivumelane nalolo daba.
Ngokwemibiko ephumile, iSV Ried isithathe isinqumo sokuqinisekisa ikusasa likaVan Wyk ngokwelula inkontileka yakhe ngomunye unyaka, okusho ukuthi uzohlala kuleli qembu kuze kube sekupheleni kuka-2027. Iqembu limemezele ukuthi lithatha isinqumo sokwelula inkontileka yalo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ukuze aqhubeke nokudlala kulona ngesizini ka-2026/27.
UMqondisi Wezemidlalo waleli qembu, uWolfgang Fiala, kubikwa ukuthi uthe uVan Wyk ukhombise ukuthuthuka okukhulu ebholeni lase-Europe.
