Uncategorised

KUHLONGOZWA UKWAKHIWA KWESIKHUMBUZO SAMAQHAWE ASALA ESANDLWANA

ISILO uMisuzulu KaZwelithini noNdunankulu waKwaZulu-Natal ngesikhathi kuqhubeka umgubho wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana izolo. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI waKwaZulu-Natal, uthi unesifiso sokuthi kube nesakhiwo esiyisikhumbuzo esizoba nawo wonke amagama nezibongo zamaqhawe asala enkundleni empi yaseSandlwana ngonyaka ka-1879.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli izolo ngesikhathi ethula inkulumo, kumgubho weminyaka eyi-147 ibutho leSilo uCetshwayo lanqoba ezeNdlovukazi yamaNgisi entabeni iSandlwana, eNquthu.

UNdunankulu uthi kule ndawo akufanele kugcine kunamatshe nje kuphela,kodwa kufanele kube nesikhumbuzo samaqhawe ukuze nezizukulwane ezizayo ziyobona ukuthi obani ababamba iqhaza kulempi eyayinkulu kangaka.

“Silo esikhulu siyafisa ukuthi njengohulumeni wakho lapha eSandlwana sibeke isikhumbuzo esizoba namagama nezibongo, zamaqhawe asala enkundleni elwela uZulu. Akufanele ukuthi kube ngamatshe amelele amaqhawe abhubha kulempi, kumele kube nesikhumbuzo ukuze izizukulwane ezizayo ziyokwazi ngalamaqhawe abamba iqhaza. Ngiyathembisa Ndlulamithi ukuthi sizoxoxa noNgqongqoshe wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula ukuze sikufeze lokhu kungekudala,” kusho uNdunankulu Ntuli.

Utuse kakhulu iNdlulamithi ngokuqhubeka nomsebenzi owenziwa okhokho baso neSilo esibuzile uMdlokombana, ukugcina lo mgubho osemqoka minyaka yonke.
Uthi ubumqoka bomlando waseSandlwana ubunye, ngoba uZulu wayengeke akwazi ukunqoba abamhlophe ababephethe izibhamu ezinkulu ukuba wayengabumbene.
“Ukukhumbula kwethu lolu suku kuletha isifundo sokuthi uma simunye njengesizwe akukho okungeke sikunqobe,” kuqhuba uNdunankulu.

Uphinde wabikela iSilo ngokunyuka kwezibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane esifundazweni, wathi kodwa unethemba lokuthi uma beyimbumba bazosinqoba lesihlava. Ephawula ngodaba lwabokufika kuleli ngokungemthetho uNdunankulu uNtuli , uthi ukhathazekile kakhulu yingakho baze baqala umkhankaso ngokubambisana namaphoyisa noMnyango wezaseKhaya othi Engangeni Ngesango Iyafohla.
“Kubonakala engathi isimo siya ngokuphuma esandleni, kufanele siphinde sihlale phansi siqhamuke namanye amacebo okuthi babuyele emazweni abo,” kusho uNdunankulu uNtuli.