Uncategorised

SEKUSEMOME UKUVUSELWA KWESISHAYAMTHETHO ULUNDI

ISISHAYAMTHETHO Ulundi sizovuselwa maduze ngemuva kokukhahlanyezwa isiphepho. ISITHOMBE: OTP

PRO NDLOVU

KUGQAME ubumbano phakathi kweminyango kahulumeni KwaZulu-Natal, kwethulwa uhlelo lokuvusa isishayamthetho sakwaZulu oLundi.
Ukubambisana kubonakala kusezingeni eliphezulu, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba, ebesibizwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli Olundi izolo. UNdunankulu uNtuli uveze ukuthi yonke iminyango izofaka isandla ekwakhiweni kwalesi sakhiwo, esakhahlamezwa isiphepho nezikhukhula ekuqaleni konyaka. “Inhloso yokuhlangana kwethu ukunikezela ngokusemthethweni inkontileka yokulungisa lesakhiwo. Sibonga kakhulu ukubambisana kweminyango njengoba kuyiyo ezohlanganisa lesamba esizokwenza lomsebenzi,” kusho uNtuli.
UNgqongqoshe Wezemisebenzi Nengqalasizinda KwaZulu-Natal uMhlonishwa Martin Meyer nokuwumnyango wakhe ohola lolu hlelo, uthe bakubone kubalulekile ukusukumela lesi sakhiwo. “Siyazi ukuthi lesakhiwo sikhulu kakhulu emlandweni waKwaZulu, yingakho sikubone kubalulekile ukuthi sivuselelwe. Ukuvuselelwa kwaso kuzodala amathuba emsebenzi amaningi kule ndawo “, kusho uMeyer.
Kuthiwa ukuvuselelwa kwalesi sakhiwo kuzodinga izigidi ezibalelwa kuR110 million.
Kulindeleke ukuthi siqale ukwakhiwa maduze, yinkontileka iSakhisizwe.