KUBOSHWE ABESIFAZANE ABAWAKE NGOKUSHONELWA

UMBIKO: MABUNHLE MALABA
KUBOSHWE abesifazane ababili eMtshezi, abaqole umasipala iNkosi Langalibalele Local Municipality igilosa yamahhala bethi “bashonelwe” . Kuthiwa baxhumana nelinye lamakhansela akulo masipala bacela ukunikwa igilosa nemoto ezolanda isidumbu emakhazeni. Ngenxa yokubazwela umasipala waphakamisa izinyawo wenza njalo, kodwa kuthe uma sekufikwa emakhazeni, labo mama bayalela umshayeli ukuthi makangazihluphi ngokwehla kepha ibona abazozibambela “isidumbu’ sabo. Kuthiwa lokhu kwenza umshayeli washaya amakhala okuthe uma esezijubile wafika wazithela phezu kwezingubo zokulala ezimboziswe izingubo ezinye, kwenziwa sengathi isidumbu somuntu. Umshayaleli akapholisanga maseko washayela kwamasipala kwaze kwalandwa amaphoyisa bashaqwa laba besifazane. Babanjwe nayo igilosa ebesebezitshele ukuthi bayozitika ngayo emakhaya.

