Uncategorised

USHAYE IZINYONI EZIMBILI NGELILODWA OKAMAJOLA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

UTHULE incwadi yakhe yezingoma uMphostoli Andile KaMajola nekhwaya yakhe asezibonakala nayo njalo.
Le ncwadi ebizwa ngokuthi Uhambo LwamaHubo Hymn BOOK, ithulwe ngokusemthethweni yethulwa osemklantshubomvu kowokholo futhi onguMfundisi, u-Andile KaMajola, emcimbini obuseDurban International Centre (ICC).
Le ncwadi inamaculo ayi-300 azibhalele wona.
Abantu bayifunise okwamakhekhe ashisayo, njengoba ngaphambi kokuthi kuphele umcimbi bese kuthengwe ezibalelwa ku-100.
Khonamanjalo ube esethula ikhwaya yakhe ayibiza nge-Journey of Psalm Choir, asezibonakala nayo uma enza imicimbi yakhe. Ohlwini lwezindawo abazozihambela, kubalwa iGoli, iMpumalanga, iKapa, i-Eastern Cape, iFree State eyivale endaweni ‘yesigameko’ iMoses Mabhida.