Uncategorised

USOMIZI MHLONGO USOLWA NGOKUBALEKA NEMALI EQASHIWE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UMSAKAZI weMetro FM, uSomizi Mhlongo ongumsakazi weMetro FM usolwa ngokudelela umhleli wemicimbi wase-Eastern Cape, ngokuthatha imali abeqashwe ngayo kodwa ajike angalubhadi kuyo. UMabjessie Tyekana okunguyena obhekene nale ngwadla, ubhodla umlilo ngesenzo sikaMhlongo athi wayembhukhe kwindumezulu yomculo wangomhlaka 1 March nomhlaka 2 e-Absa Stadium e-East London.
Kwakumenywe noBig Zulu, Rethabile Khumalo, DJ Tira, Khuzani noNtencane
Kulo mcimbi uSomizi wayezophatha uhlelo. UTyekana uveze ukuthi wayembhukhele ibhanoyi nendawo yokulala kodwa kwathi uSomizi esefikile e-East London, wakhetha ukuhambela omunye umcimbi. Lo somabhizinisi uthi okumdina kakhulu ukuthi uSomizi waze wabhala ezinkundleni zokuxhumana enxusa abantu ukuthi beze bezombona lapho ekhona. “Uyadelela uSomizi. Kumele ahloniphe abanye abantu. Ngiyambonga uMoshe Ndiki owafika washaya into ecokeme emcimbini.”
Ube esesabisa ngokuthi lapho ayohlangana khona noSomizi kochitheka izishebo ngoba uyayifuna imali yakhe ayimoshile. USomizi uvumile ukuthi uTyekana wamkhokhela yonke into kodwa wakhala ngokuthi umcimbi wakhe wawungekho ezingeni abelilindele. “Okokuqala nje ngabalinda imizuzu eyi-20 bengafiki e-airport, kwathi uma sesifika la ekwakumele silale khona ngathola ukuthi abakhokhile. Kuningi nje okwakungalungile ngoba nezikhathi zokusebenza zazixovekile. Nesiteji sabo kwakungathi itafula lasekhishini.”