Uncategorised

USINDE NGOKULAMBISA UMOGOTSI EDUTSHULWA

UBROWN Mogotsi osinde kwintululwane yezinhlamvu sezibhamu.

ISALE injena imoto kaBrown Mokgotsi. Isithombe: Facebook

NOMCEBO NGEMA

USINDE ngokulambisa edutshulwa ngentululwane yezinhlamvu umsolwa ofunwa phansi phezulu amaphoyisa.
UBrown Mogotsi ufunwa amaphoyisa asesiteshini saseVoslorus, njengoba eseze akhipha isimemezelo sokumcela ukuthi azilethe yena azovula icala njengomgilwa osinde ngokulambisa. Kuzokhumbuleka ukuthi Brown uyena lona okwabonakala ingxoxo yakhe noMphathiswa waMaphoyisa osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu kaWhatsApp futhi uxhumene kakhulu noVusumuzi “Cat” Matiala osolwa ngokubugebengu.
Kubikwa ukuthi uBrown usinde kwisehlakalo sokudutshulwa kodwa bamgeja kwadubuleka imoto ngezinhlamvu eziyi-8. Amaphoyisa athi nakuba izinhlamvu zimgejile. kodwa asamfunela lokhu ayemfunela khona njengoba efuna omakhalekhukhwini.
Umphenyi oyiphoyisa osanda kufakaza kwiMadlanga Commission wathi uMogotsi ubemukela imali kuMatlala bese eyidlulisela kuMphathiswa uMchunu.