Uncategorised

I-NFP IGXEKA UKUGXAMBUKELA KWESIGUNGU ESIPHEZULU E-KZN

USIHLALO weqembu le-NFP kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mkhabela ebabaza umhlola owenzeka eqenjini.

AMALUNGA aseka uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga engaphandle kwehhotela, ecula amaculo futhi ephethe namabhodi anemibhalo. IZITHOMBE: KZNNFP

NOMCEBO NGEMA

KUGXEKWA ukugxambukela kuka Mengameli we-NFP, ezindabeni zase KZN, lokhu kugxeka kwenziwe uSihlalo weqembu le-National Freedom Party (NFP) kuzwelonke, ophinde abe iMeya kaMasipala waseDumbe uKhansela Sibusiso Mkhabela, izolo kwisithangami sabezindaba eThekwini.
Uthi ukhuza isigungu esiphezulu saleli qembu kanye noMengameli walo uMnuz Ivan Barnes, ngokugxambukela ezintweni zesifundazwe ezingabathinti.
“Bathatha izinqumo bodwa bengawathinti amanye amalunga eqembu. Abayilandeli imigomo yeqembu ebekiwe uma bethatha izinqumo, “ esho.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukungaboni ngaso linye kwamalunga aleli qembu kuqale ngesikhathi kumiswa uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, waqondiswa nezigwegwe ngoba kuthiwa udelele imiyalelo yeqembu ngokungavoti neqembu leMK, ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokungabuthembi ubuholi bukaNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli. “NjengoSihlalo kazwelonke waleli qembu ngokomthetho, nangokwemigimo yeqembu umsebenzi wami ukuvikela leli qembu, kufanele ngibuke ukuthi iqembu lethu elikwenzayo likwenza ngendlela efanele yini. Umthetho uyangivumela ukuthi konke esikwenzayo sikuhlele ngenhloso yokuvikela leli qembu. Sizokhuza umhlola ukuthi asikaze sikubone lokhu okwenzekayo selokhu lasungulwa leli qembu uMengameli umama uZanele KaMagwaza-Msibi, sizoxosha leli shobolo sithi aliphume liphele ngoba asiwazi lo mhlola owenzeka kwi-NFP. Thina sazi iNFP ethi uma inezinkinga njengawowonke amaqembu ihlale phansi ixoxisane kudlule,” kusho uSihlalo uMkhabela.

Uqhube wathi leli qembu linayo ikhokhasi KwaZulu-Natal, okufanele ukuthi ihlonishwe. Umthethosisekelo uyabavumela ukuthi benze lokho abasuke befuna ukukwenza. “Sifisa kulandelelwe umthethosisekelo kubhekwe ukuthi isigungu esiphezulu ngabe asigxamukeli yini ezindabeni zesifundazwe, ekubeni zikhona izinhlaka zesifundazwe okufanele zithathe izinqumo zamalunga eqenjini. Asikho isidingo sokuthi kube khona okubangwayo uma ikhokhasi inombono wayo ngokwenzakalayo KwaZulu-Natal. Uma sikhuluma iqiniso noma ngabe uyafuna ukuphatha izwe kodwa angeke uliphathe ngokuphapha ngoba aliyona insangu. Uma ungusopolitiki ungakaze uhole igatsha usuke ungakwazi ukuhlupheka, kufana noma uzothola isikhundla uzihambela nje ngoba ukwazi ukukhuluma kodwa masekuthiwa yenza umsebenzi uzofeyila ngoba awubazi ubunzima,” kuphetha uSihlalo uMkhabela.