Uncategorised

KUTUSWA UNTULI NOMKHWANAZI NGOKWEHLA KOBUGEBENGU E-KZN

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, abatuswa ngokuhola kahle isifundazwe iKwaZulu-Natal.

UMNUZ Mabutho Mtshali onguSihlalo we-CPF KwaZulu-Natal.

NOMCEBO NGEMA

USIHLALO we-Community Police Forum (CPF) KwaZulu-Natal, uMnuz Mabutho Mtshali, ubonga uNkulunkulu ngokubabusisa ngoNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, athe yibona abasukumela lesi sifundazwe, balwa nobugebengu.
UMnuz Mtshali ukhulume kanje izolo ngesikhathi uNdunankulu kanye neKhabhinethi yesifundazwe bevakashele uMkhandlu Amajuba, ngenhloso yokuhlola amaprojekthi entuthuko ukuthi asehambe afika kuphi kanye nokulalela izingqinamba ezibhekene nomphakathi ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe (OSS) eBersig Lsen School kuMasipala Emadlangeni.

UMtshali uthe bayaziqhenya kakhulu ngobuholi buka Ndunankulu uNtuli ebambisene noMkhwanazi. “Sinenhlahla kakhulu ngokuba noNdunankulu uNtuli ngoba ebuholini bakhe uNkulunkulu uvele wasibusisa ngoMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. Labaholi ngisebenzisana kahle kakhulu nabo futhi siyaziqhenya kakhulu ngabo ngendlela ababusukumele ngakhona ubugebengu. Sinethemba lokuthi ubugebengu KwaZulu-Natal buzophela nya, ngoba manje izigebengu ziyaphuma lapha esifundazweni ziye kwezinye izifundazwe ngoba ziyazi ukuthi lapha alufakwa, kukhona uNdunankulu uNtuli noMkhwanazi,” kusho uMtshali.

Uphinde waveza ukuthi akukhona okokuqala uNdunankulu efika kuloMkhandlu, njengoba wake wafika phambilini ngesikhathi kwande ubugebengu obuhleliwe Osizweni. Uthe uNdunankulu wafika wabambisana namaphoyisa kanye ne-CPF kwaba nomehluko omkhulu, bancipha ubugebengu. “Umphakathi nawo wasukuma wabambisana namaphoyisa. Abantu abenza ubugebengu bahlala nathi lapha emphakathini, futhi siyabazi ukuthi bangobani ngakho kungani siyekelela amaphoyisa ukuthi enze konke ekubeni nathi kukhona esingakwenza. Ubugebengu bancipha kakhulu ngemumva kokusukuma kukaNdunankulu, wasebenzisana namaphoyisa, iCPF kanye namalunga omphakathi,” kuqhuba uMnuz Mtshali.

Ubonge osomabhizinisi bendawo ngokunikela ngama-camera ngenhloso yokuthi kusheshe kubanjwe izigilamkhuba ezigangayo endaweni.