UMASIPALA UZIBEKA EQHULWINI IZINHLELO ZOKUTHUTHUKISA EZEMFUNDO

LAPHA kungesikhathi kuqhubeka isithangami sabezindaba lapho uMasipala ubucacisa kabanzi ngezinhlelo zawo.
SIYABONGA PHAKADE
IPHINI leMeya kuMasipala i-Dr Nkosazana Dlamini Zuma uCllr Kholeka Hadebe, uthi izinhlelo zokuthuthukisa ezemfundo ezikoleni ezingaphansi komkhandlu zimqoka kakhulu, ikakhulukazi njengoba kuyizikole ezisendaweni yasemakhaya.
UCllr Hadebe ukusho lokhu izolo kwisithangamini sabezindaba emahhovisi alo Mkhandlu, eBulwer.
Uthi inhloso yokuzocacisa ngezinhlelo ezehlukene zalo mkhandlu onazo zokuthuthukisa imiphakathi, nokuhlonipha abafundi nezikole ezenze kahle kwimiphumela kamatikuletsheni ngonyaka odlule.
Uveze ukuthi uhlelo olubakhona minyaka yonke, iBack to shool campaign, lapho besenzisana nezikole nomnyango ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokufunda nokufundisa ziqhubeka kahle ngaphandle kwezihibe.
Uqhube wathi selokhu baluqala loluhlelo selukhiqize abafundi abaningi, iningi labo asebegogodile nakumanyuvesi.
