Uncategorised

KUPHENDUKE AMATAFULA NGOWOMKHOSI WOMHLANGA

ZETHU PHOSWA

KUPHENDUKE amatafula uMkhosi woMhlanga oba minyaka nyonke esigodlweni eNyokeni ngesikhathi iSilo esibusayo simemezela ukuthi lo mkhosi kulo nyaka uzofudukela esigodlweni eMashobeni.
Lokhu kumemezela kweSilo uMisuzulu ngesikhathi sethula inkulumo yaso kuMkhosi Wesivivane okungumkhosi ohlanganisa omama abangoNomehlo, izolo esigodlweni eMashobeni KwaNongoma.
Lesi sinqumo sethuse abaningi, ngoba kuzokuba kungokokuqala ngqa, lo mkhosi ushintsha selokhu wasungulwa ngonyaka ka-1984.
Baningi abashaya amakhala ngalesi sinqumo kodwa iNdlulamithi ithe bazojwayela, nabakubeka njengokuthi ukwenziswe ukugajwa uthando lukaNdlunkulu uSihle uMaMdluli.
“Ngiyazi sonke sesijwayele Enyokeni kodwa kuzojwayeleka naseMashobeni. Wonke amasiko alandelayo azokwenziwela khona,” kusho iNdlulamithi.
Sithi abantu bazojwayela eMashobeni ngoba kuphoqe usiko namakhosi asemandulo asikhomba khona.
“Sihlale nohulumeni saxoxisana nangosikompilo. Imikhosi yonke yeSilo kufanele ibe sesigodlweni seSilo esibusayo eMashobeni,” kubeka iSilo uMisuzulu.