Uncategorised

I-SUNDOWNS IZOBHEKANA NOMQEQESHI EYAMLAXAZA KWI-CAF

ISUNDOWNS izodlala neqembu eliqeqeshwa owayengumqeqeshi wayo uRulani Mokwena. ISITHOMBE: SUPERSPORT

MABUNHLE MLABA

I-MAMELODI Sundowns izobhekana neqembu eliqeqeshwa yilowo obeliqeqesha uRhulani Mokwena, owalaxazwa yileli qembu ngesizini edlule, kuhle kwenyongo yen yathi, koweCAF.
ISundowns iqhathwe neqembu lase-Algeria eliqeqeshwa uMokwena, iMC Alger, i-Al Hilal yaseSudan neSt Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo kuGroup C esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.
UMokwena washiya kabuhlungu kwiSundowns ngesizini edlule, wavumbuka eMorocco lapho afike wathathwa khona iWydad Athletic.
Akubuzwa ukuthi ukuhlangana kwakhe neSundonws kuzofana negqubu okuchaza ukuthi kuzoshuba kakhulu enkundleni.