
UBHITHULUDI UDINGWA USIZA KUZO ZONKE ZOMZIMBA
I. ISITHOMBE: VEGGYCATION
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UBHITHULUDI ubalulekile kakhulu emzimbeni womuntu, njengoba uqukethe izakhamzimba nomsoco okugcina umzimba uwumqemane futhi uvikelekile ezifweni ezithize.
Abe-healthsite bathi ubhithiludi yisitshalo esibaluleke kakhulu emzimbeni womontu ngenxa yokukhuphula isibalo samasosha omzimba nokwenyusa izinga lokusebenza kwawo.
“Uqukethe izakhamzimba okubalwa uvithwamini C, fiber nokunye. Silekelele ukusebenza kwama-nerve nama-muscle. Sisiza akhulu ukugcina izitho zomzimba zisebenza kahle okubalwa isibindi, izinso, incekwa ngisho amathambo imbala ,” ngokusho kwabeHealthsite.
Bathi kubaluleke ngisho amanzi awo njengoba esiza ukuthi igazi likwazi ukukhiqiza ama-red blood cells, lokho okusiza uma ushodelwa gazi emzimbeni.
“Amanzi kabhithiludi asiza kumuntu onesifo i-anemia, ukwehlisa izinga lokuphampa kwegazi okweqile emzimbeni njengoba ehlabahlose nge-Nitric Oxide. Aphilisa isibindi uma silimele ngenxa ye-methionine ne-glycine betaine. Aqukethe i-lycopen esiza ukulimala kwesikhumba okudalwa ukushiswa ilanga kakhulu. Akhipha nemfucuza engadingeki emzimbeni njengoba ine-antioxidants esiza ukulima kwezicubu emzimbeni okungabeka ukudaleka komdlavuza. Uyasiza ukuvikela umdlavuza wesisu nowegazi,” besho kanje.
Bathi ukujwayela amanzi alesi sithelo kuyasiza ukukhanyisa isikhumba, ukususa amabala emzimbeni, kusize ukoma nokuluma kwesikhumba.
Abe-0rganic Facts bathi ubhithiludi welapha izifo ezahlukene emzimbeni okubalwa i-zilonda eziba sezinqeni (piles) , ukuqunjelwa kwesisu, ukusebenza kwezinso, inkwethu, usiza ukugcina inhliziyo isebenza kahle nokuthi igazi lihambe ngezinga elidingwa umzimba.
Abe-World Health Organasation bathi ayikho ingxenye yomzimba engawudingi ubuthiludi, ngoba uvikela izifo futhi ulwe namagciwane angadingeki emzimbeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka wezi-2007 kuNhlangulana (June), ubhithiludi ungezinye zezinto ezabalulwa yilowo owayenguNgqongqoshe weZempilo kuzwe lonke, uNkz
Mantombazane Tshabalala-Msimango ongasekho emhlabeni, aye gqugquzela abantu abanesandulela ngculaza, ukuthi bawudle ukulekelela amasosha omzimba.
