Uncategorised

UZOKUDLA R8.5 MILLION OWE-PREMIER’S CUP

UMBIKO: ZETHU PHOSWA noMABUNHLE MLABA
umusamedia1@gmail.com

IHLINZEKWE ngemali eyiR8.5 million imidlalo yeKZN Premier’s Cup, okuyimidlalo yamaqembu ebhola akulesi sifundazwe, yokuzilungiselela ukungena kwisizini.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni lemidlalo iKZN Premier’s Cup eRichards Bay.
IPremier’s Cup izodlalelwa ezinkundleni zemidlalo eMhlathuze Complex Stadium, idlalwa amaqembu amathathu akwiPremiership AmaZulu FC, Richards Bay FC neLamontville Golden Arrows kanye nadlala esigabeni esingaphansi iMilford FC, iDurban City FC neMidlands Wanderers
“ Iqembu ngalinye elingene kulo mqhudelwano wendebe iKZN Premier’s Cup lizothola R750 000 ngalinye. Isiyonke imali yokuhlinzeka R8.5 million kanti efaka ama-kit, ukuthuthwa kwabadlali nokutendwa kwabo. Lo mdlalo usho lukhulu kulesi sifundazwe njengoba ungowokweseka amakilabhu ukuze akwazi ukuqala isizini ngokuzethemba nokwazi ukuthi ayithemba lalesi sifundazwe,” kusho uNdunankulu uNtuli

UNgqongqoshe weZemidlalo e-KZN uMntomuhle Khawula unxuse amakilabhu esifundazwe ukuthi abhukule kule sizini ezoqala.
Ube esencoma iRichards Bay noSuthu ngokuqeda isizini edlule kuTop8 okuchaza ukuthi bazogijima kwi-MTN 8 ngaphambi kokuqala kwesizini, wancoma iMidlands Wanderers bgokukwazi ngokungena kweyeMotsepe Foundation Championship.
“Ngijabule kakhulu ngale midlalo yeKZN Premier’s Cup njengoba kukhona esikwazi ukukwenza ukulekelela ukuqinisa amaqembu ebhola akulesi sifundazwe. Siyazama nakuba singakafiki ezingeni lakoGauteng. Le midlalo izosiza kakhulu ukuthi abafana bakwazi ukuqala isizini befudumele,” esho.
Le midlalo ixhaswe iHhovisi likaNdunankulu noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.