Uncategorised

INJABULO ESHADA NOMYENI OWASHONA EMINYAKENI EYI-19 EYEDLULE

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

UBE yindumezulu umshado kaNkk Thokozani MaMthethwa Mkhize eshada nobaba wabantwana bakhe uMfanobomvu Mkhize ongasekho emhlabeni. Yize uMkhize eseneminyaka eyi 19 ashona kodwa isithembiso abasenza sokushadana sifezekile. Umshado usuke ekhaya kaMaMthethwa eGingindlovu, waphelela eLindelani ekhaya kubo kamkhwenyana kwaMkhize.
Echaza uMaMthethwa ngalo mgcagco uthe, lokhu bekumele akwenze ukuze kungabibikho zihibe ezimpilweni zezingane zabo.
“UMkhize wazishaya zonke zaphelela ekhaya. Sasinesithembiso sokuba nomshado weSintu. Yize noma sekuyiminyaka asishiya kodwa bekumele ngisigcine isithembiso sethu. Ngaphandle kwesithembiso, nginezingane, angifuni zibe nezinkinga ezikhomba mina. Ukulungiswa kwesibongo kubaluleke kakhulu ngoba yiso esithwala ikhaya”, kusho uNkk Mkhize. Umphakathi ubuphume ngezinkani ukuzohalalisela uMaMthethwa egiya esigcawini waze wayongena ngebhokisi lakhe lomshado emzini wakhe emiswe umzukulu kaMkhize uBhami Mkhize.