KUBUNGAZWE USUKU LWABASEBENZI ETHEKWINI

IZIKHULU zikahulumeni ebezihambele lo mcimbi .
ISITHOMBE: SINDISWA NXUMALO
AKHONA DLAMINI
UMGUBHO wosuku lwabasebenzi lugujwe ngesitayela, ngesikhathi I-COSATU ihlanganisa lomgubho nokugubha iminyaka eyi-44 yasungulwa, eCurries Fountain, eThekwini namuhla.
Lo mcimbi ubuhle lwe Ile nhlangano elwela amalungelo abasebenzi,
ubuhanjelwe, izikhulu zikahulumeni, namaqembu ezepolitiki ahlukahlukene.
I-COSATU ithembise ukulwela abasebenzi abacindezelekile ikakhulukazi abesifazane, yathembisa ukulwa no-SARS othatha izimali zabasebenzi ngokungemthetho nokuthi
bazobhekana ngqo nabaqashi abaqasha abantu bangaphandle abangenamaphepha abagunyaza ukuba kuleli.
Okhulumele i-COSATU uSolly Phetoe uthe bekungelula neze ukufika kuleli zinga asebekulo.
“Abasebenzi asebevolontiye isikhathi esivile ezinyangeni ezintathu, kumele baqashwe ngokuphelele. Izinyunyana zabasebenzi kumele zenze isiqiniseko sokuthi, abasebenzi basebenza ezindaweni eziphephile futhi bahola imiholo ebhekekile,” kubeka uPhetoe.
Okhulumela i-SANCO, uRichard Hlophe ubongele iCOSATU ngeminyaka esifike kuyo, wathembisa ukusebenzisana neMadlanga Commission ukulwa nenkohlakalo. “Siyi SANCO siyazibophezela ekusebenzeni neMadlanga Commission eyenza umsebenzi omuhle ekulweni nezigebengu,” kusho uRichard.
