KUBHUNTSHE OSONDELENE NO-ZUMA UKUTHENGA ROYAL AM

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UKUNGABI nerekhodi elihle kukasomabhizinisi osondelene noJacob Zuma, kwenze yangaphumelela imizamo yakhe yokuthenga iRoyal AM, kaShawn Mkhize. URoy Moodley osembonini yonogada eseThekwini ubengomunye wosomabhizinisi abebebheke ukuthenga leli qembu lePremier Soccer League, kuSA Revenue Services njengoba selingaphansi komkhokhi wentela kulandela ukujeziswa kukaMaMkhize ngokubalekela ukukhokha imali yentela.
Izolo abakwa SARS baveze ukuthi abagculisekanga ngerekhodi lokuphathwa kwezimali kwenkampani kaMoodley kanti okunye okubhedise uhlelo ukwehluleka ukukhokha imali ebidingeka ngesikhathi ebesibekiwe. UMoodley ungusomabhizinisi wesibili osehlulekile ukuthenga iRoyal AM. Kuqale u David “Mazolman” Skosana owaduma engumxhumanisi womphakathi nabezindaba kwiSuperSport United, kanti manje uyilungu lasephalamende le MK Party. USikosana nomlingani wakhe osembonini yamatekisi babeka etafuleni uR15m kodwa bachithwa.
