KUHLOMULISWE ABALWA NOBUGEBENGU EMGUNGUNDLOVU

IZINHLAKA ezahlukene ezilwisana nobugebengu emphakathini. IZITHOMBE: LINDELWA MAGWAZA
LINDELWA MAGWAZA
KUHLOMULISWE izinhlaka ezilwisana nobugengu ngezinsiza eMgungundlovu, ngenhloso yokubabonga ngendima abayiklamayo ukugcina umphakathi iphephile. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kwethulwa uMkhandlu Wokubambisana Wokulwa Nobugebengu (Multi-Stakeholder Anti-Crime Council), esifundeni saseMgungundlovu.
Kwizinhlaka abamukelile kubalwa amalungu amaCommunity Policing Forums (CPF), ama-Neighbourhood Watches nabanye abasebenza ngokuzithandela ukuqinisekisa ukuphepha emiphakathini yabo.Phakathi kwezinto ezinikelwe kubo kubalwa amajakhethi, izingubo zokusebenza kanye nezipikha (speakers), ngenhloso yokubakhuthaza ukuthi baqhubeke nokusebenzisana namaphoyisa nomphakathi ekulweni nobugebengu.
IPhini likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMnuz Kenny UMorolong, lethule lo umkhandlu eliphinde lawunikezrla nezinsiza, ngenhloso yokubhebhethekisa ukuphepha kumphakathi waseMgungundlovu.” Siyabonga ukuzimisela kwenu mavolontiya, nokuqonda ukuthi ukulwa nobugebengu akusiwona umsebenzi wamaphoyisa kuphela, kodwa nomphakathi kumele usebenzisane nezinhlaka zomthetho,” kusho uMorolong.
