Uncategorised

ABATLOKWA BABONGE UZULU BEBUNGAZA EYI-150

AKHONA DLAMINI

KUGQAME ukuphilisana kahle kwamaZulu nabeSuthu emkhosini iBasotho Cultural Day ebibanjelwe eNquthu enkantolo yenkosi uMolefe.
Inkosi yesizwe sabaTlokwa, Inkosi uBokang Molefe uthi lolu suku luyingqayizivele kuBaTlokwa “Sibungaza iminyaka eyi-150 safika KwaZulu. Kuyoyonke leyo minyaka ubukhosi buzizwa bunemfudumalo futhi bamukeleke ngendlela eyisimangaliso kule ndawo. Ngonyaka ka- 1994 ngenkathi izwe lase Ningizimu Afrika laliqala ukuzwa ubumnandi bokuhlalisana kwezizwe ngokwahlukahlukana, kujatshulelwana amasiko sibhince ngezindlela ezahlukahlukene. Thina kwase kungukuthi baze balithola nabanye ithuba eliyingqayizivele esikhule kulo singaBaTlokwa njengoba kwakukade saphilisana kahle namaZulu kusuka kuma 1600”.

Lomkhosi obanjwa minyaka yonke uyisisekelo sokuthuthukisa amasiko abeSuthu, kanti kulonyaka ube usufaka ingxenye enkulu yesizulu njengoba kwaakhelenwe. “Onke amasiko ethu awakaze afe nangelilodwa ilanga.
Ubuhle usiko lesizwe sabeSuthu indlela esibhinca ngayo nangendlela esenza izinto ezayamele indlela yabeSuthu. Lokhu kuyinkululeko esingakaze siyiphucwe nangephutha, yingakho sisahlangene njengabeSuthu” kuqhuba inkosi.
Umnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko oholwa uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula ufake isandla kuloluhlelo, ngenhloso yokugqugquzela ukuthuthukiswa kwamasiko nokuhlalisana kahle kwemiphakathi.

Ekhuluma kuloluhlelo uDkt Fikile Biyela ongumqondisi kuMnyango uthe, “Siwumnyango siyakuhlonipha ukuhlukahlukana kwemiphakathi ngakho sisebenzisa lolusuku ukunikeza abeSuthu ukuthi baqhakambise amasiko abo. Asibhekelanga amasiko kuphela, kepha kulonyaka sifake nemidlalo yebhola. Okujabulisayo ukuthi bekubambe iqhaza abantu abaneminyaka ehlukene. Okusho ukuthi loMnyango unikeza wonke umuntu ithuba. Siwumnyango sigqugquzela ukuthi abantu bafunde ukwamukelana. Loluhlobo lomcimbi lufundisa isizwe ukuthi sibumbane” kusho uDkt Biyela.

IZITHOMBE:SPHA MBHELE