ABAKULELI ABANGENELELE OWE-GLOBAL SUMUD FLOTILLA 2026

IZISHOSHOVU zaseNingizimu Afrika ezingenele umkhankaso weGlobal Sumud Flotilla. ISITHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
IZISHOSHOVU zaseNingizimu Afrika zilule isandla emazweni antulayo, ngokungenelela umkhankaso weGlobal Sumud Flotilla, lapho amazwe ngamazwe egibela imikhumbi elibangise ezweni lase Gaza, ngenhloso yokuhambisa izidingo ezibalulekile njengemithi, ukudla, izingubo kanye nezinto zokwakha.
Lo mkhankaso uhlose ukusiza lelizwe njengoba likhungethwe izimpi, ezishiya abantu abaningi bengenamakhaya, ukudla nezingubo imbala.
Ngonyaka ka-2025 uNkosi Zwelivelile Mandla Mandela, wangenelela lo mkhankaso okuyilapho aboshwa khona kanye nezinye izishoshovu ayehamba nazo, beboshwa ibutho lakwa-Israel.
Yize kwaba nezingqinamba ezehlela ithimba elangenela kulo mkhankaso ngonyaka odlule, kodwa ithimba elisha liqale uhambo lwalo ngelikhulu isasasa ngeviki eledlule.
Lo mkhankaso usekwa izinhlangano zomhlaba ezifana ne-Freedom Flotilla Coalition, ezihlose ukuthi izinsiza ezilethwa amazwe zidlule kwa-Israel zifinyelele eGaza.
