Uncategorised

KUPHELILE NGOMUVHANGO KWAZALWA I-PIMVILLE QUEENS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

APHELILE amathemba ngomdlalo uMuvhango, kulandela izindaba zokuqinisekisa ukuthi kuphelile ngawo, njengoba sekunomdlalo oyi-telenovela ozovala isikhala sawo obizwa ngokuthi iPimville Queens.
Lo mdlalo olindelwe ngabomvu ozovala isikhala soMuvhango ebisidonse isikhathi esilinganiselwa kweyi-28 idlala KWASABC2, kanti iPimville Queen izoqala ukudlala mhla ziyi-8 kuNcwaba,
IPimville Queens iphekwe iBakwena Productions kaKagiso Modupe, izokhonjiswa nge–9.30pm kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, bathi izothakaselwa kakhulu.
UMuvhango lo ozokhishwa wawusungulwe uqweqwe lombhali uDuma kaNdlovu owafika nabadlali abathandwa kakhulu njengoEdward, Catherine, Doobsie, Doris, Chief Azwindini, Thandaza, James, Mulalo, KK nabasebukhosini bamaVhenda.
Ebuyekeza uhambo loMuvhango uDuma uthe. “Lo mdlalo wenza isizwe samaVhenda esasizinyenza ngolwimi lwalo saziqhenya. Kusijabulisile ukubona abantu bekhula futhi bezigqeja ngemvelaphi yabo.
ULulu Taka oyi-Acting group executive for video entertainment e-SABC uthe “Kule minyaka ecela kwengu 30 uMuvhango ubuyinsika yakwa-SABC 2 futhi uthandwa kakhulu emlandweni we-TV kuleli. Lo mdlalo uthandwe kangaka nje ngenxa yokuthi ubuqhakambisa ulwimi, imvelaphi yomuntu, ufundisa ubuye uhlekise kwezinye izikhawu. Njengoba izinto zihambe zishintha emkhakheni ka-TV i-SABC 2 izimisele ukuqhamuka nezinto ezintsha ekholwa ukuthi zizothakaselwa kakhulu abantu bakuleli.”