Uncategorised

LISESIGABENI ESIPHEZULU OLWEZILAMANI KWELIKA-AKA

IZELAMANI zakwaNdimande ngesikhathi zibingelela iMantshi izolo eThekwini. ISITHOMBE: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

ZIZOVELA enkantolo ngesonto elizayo mhla ziyi-24 kuLwezi izelamani zakwaNdimande ezisolwa ngokubulala umrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa babulawa ngonyaka ka-2023 kuFlorida Road eThekwini.
Leli cala ekusolwa kulo uSiyabonga noMelusi bakwaNdimande, selidonse amehlo abantu abaningi ngenxa yokusingathwa kwalo, sekuze wangenela uMkhuzi Wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi osekuqinisekisile ukuthi uphenyo selusesigabeni esiphezulu.
ULt General Mkhwanazi uveze ukuthi amaphoyisa asebophe umsolwa oyinhloko, nokukholakala ukuthi uyena ongumxhumanisi nomhleli wetulo.
Uveze injabulo yakhe uMkhwanazi njengoba leli cala linenqubekela phambili, wancoma ithimba eliphethe leli cala ngokuzinikela kwalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesibili bekuvele izelamani zakwaNdimande eNkantolo ePhakeme eThekwini.
Lezi zelamani zaseSmolo eHluhluwe ziphinde zisolwe ngokuba izinkabi ezisetshenziswa osomatekisi ukubulala.