ANXAPHE WODWA AMAPHANTA KOWE-DUNDEE JULY

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
Umusamedia1@gmail.com
AHAMBE enxapha wodwa amaphanta nabantu baseDundee abebethwele ngeqoma ihhashi unxakanxaka ongalibonanga elidlalayo kwihhashi umpendulo, kumjaho wokutelebhela iDundee July 2025.
Nakuba uMpendule kuwuye odle umhlanganiso kodwa ubengenalo igidigidi futhi ubengenawo umlando, ube yishampiyoni kaDundee July, umjaho omkhulu sbr kuwo ugcine wenziwe kwaba owokuhlonishwa ngayo umsunguli walo mjaho uMnuz Mike Mthembu, oshone ngonyaka owedlule.
Leli hhashi umpendulo ebeligitshelwe uZakhele Mkhabela likhale lemuka nesiteki sikaR400 000.
UMpendulo ubehlwitha isicoco kuMbayimbayi obengaqokwanga kulo mjaho, ubeqokwe kongaphansi kwezinga lomkhulu
Kuwona lomjaho kuke kwaba khona ubuhixihixi lapho amanye amahhashi ekhishiwe ukujajwa njengoba kuthiwa ephule imithetho.
“Okuseqinisweni nje bengingenele lo mdlalo kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi ngingaba sohlwini labawinile, angiphathi ke eyokubaqwaqwada bonke emakhanda. Kumina kufane nomlingo ngibona ihhashi ligqabashiya libadlula lize liyishaya intambo. Yazi namanje angukakholwa,” esho.
