Uncategorised

MKHWANAZI UXWAYISE ABAZOKWENZA IMIBHIYOZO YE-PENS DOWN

UMKHUZI waMaphoyisa waKwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: UMUSA MEDIA

NOMCEBO NGEMA

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi uxwayisa abafundi BAKAMATIKULETSHENI, abazokwenza imicimbi yokubhiyozela ukuqeda ukubhala ngokuthi bangalinge baphambane nomthetho ngoba amaphoyisa angeke abe nozwelo.
UMkhwanazi usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni izinhlelo zokuphepha kulamaholidi okuphela konyaka, e-Amphitheatre Gardens eThekwini.
“Bazali uma izingane zenu ziyingxenye yomcimbi wobumnandi nibadonse ngazo zombili ukuthi bangaphambani nomthetho, ngoba amaphoyisa angeke axoxisane nomuntu ophula umthetho futhi angeke abenaso isihe. Ngiyathemba ukuthi akekho umzali ofuna ukubona ingane yakhe ihilizisana namaphoyisa ngoba angeke kuphele kahle,”kusho uMkhwanazi