KUZOHLOMULA NABADALA NGOMTAPO WOLWAZI WASE-NDALENI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula uzonikeza uMtapolwazi endaweni yaseNdaleni eRichmond.
ZETHU PHOSWA
KUZOGQUGQUZELWA isiko lokufunda endaweni waseNdaleni eRichmond, njengoba ukuzokwethula ngokusemthethweni uMtapowolwazi, ozokuba sezingeni lobuchwepheshe besimanje.
Lengqalasixinda yolwazi izonikelwa ngokusemthethweni uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula kusasa.
Lo mtapo uzohlinzeka ngolwazi ngomtapowolwazi izikole eziyi-9 eziseduze ezizohlomula kule ngqalasizinda esiyinsiza, kanti abantu abaseduze kulindeleke ukuthi yibo abazohlomula ngalesikhungu solwazi.
Kulo.
Lo mtapo wolwazi ozoletha izikhali zokulwa ngokufunda, uzohlinzekwa izifundo zokufunda nokubhala kwabantu abadala, usizo ngemisebenzi yasekhaya, kanye nemicimbi yamasiko.
Umtapo wolwazi waseNdaleni uyisikhumbuzo esisha sokuthi ukufinyelela kolwazi nobuchwepheshe kuyisisekelo sokukhulisa umphakathi.
