Uncategorised

I-GHANA IYAQHUBEKA NOKULANDA IZAKHAMUZI ZAYO

IZAKHAMUZI zaseGhana esezalifulathela elakuleli ngenxa yokusabela izimpilo zabo. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI waseGhana elanda ezinye izakhamuzi eziyi-1000 ezikuleli ezifisa ukubuyela ekhaya, ezingenawo amandla. Lezi zakhamuzi ziqale ukuhamba namuhla, kulandela imibhikisho enxenxa bonke abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo.Lokhu kuyingxenye yesigaba sokugcina sohlelo lukahulumeni waseGhana lokuthutha izakhamuzi zawo eziseNingizimu Afrika.

Zingama-926 izakhamuzi zaseGhana esezibuyele ekhaya kusukela kwaqala amamashi njengoba uhulumeni wabo ebahlinzeka ngezindiza ezikhethekile.UMnyango wezaNgaphandle eGhana uthe izindiza ezikhethekile zizoqhubeka nokufika eGhana kusukela namuhla, njengoba uhulumeni eqedela umsebenzi wokubuyisa izakhamuzi zawo.UMengameli waseGhana uMnuz John Mahama ucele i-African Union (AU), ukuthi bavikele abokufika. Uphinde wagxeka uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokuthi awenzi okwanele ukuvikela abantu bokufika kulamamashi.

“Sizoqhubeka nokuqapha isimo futhi sinikeze usizo kuzo zonke izakhamuzi zethu ezisafuna ukubuyela ekhaya,” kusho isitatimende sikahulumeni waseGhana. Ngokwezibalo ezikhishwe amazwe ahlukene zithi bangaphezu kuka-160 000 abantu bokufika esebelifulathele elakuleli babuyela emazweni abo ase-Afrika, kusukela ngoNhlaba kulonyaka ngenxa yokusabela izimpilo zabo.