Uncategorised

ISASASA KUVULWA INDABA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

KUBE nesasasa kuvulwa ngokusemthethweni izindawo zokukhangisa amabhizinisi kwi-South Africa’s Travel Indaba eThekwini e-INkosi Albert International Convention Centre (ICC).
Lo mcimbi oba minyaka yonke ngenhloso yokuveza imibukiso nokukhangiswa kwamabhizinisi, uhanjelwe amazwe amaningi angaphandle, uba nomthelela omuhle kubahwebi nosomabhizinisi.
USekela Mengameli weZwe uMnuz Paul Mashatile owuvule lo mcimbi onedumelane kumazwe ngamazwe.
UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnu. Thamsanqa Ntuli ngesikhathi amukela izivakashi uqinisekise ukuthi zizophatheka kahle futhi ziphephile.
“Siyanamukela esiFundazweni esithokomele. Ngibonge kubobonke abaliqhamukisa emazweni angaphandle, ngibonge kakhulu kumalunga e-G20, abaqalayo ukufika kulo mcimbi nakuleli dolobha iTheku. Manje seniyingxenye yethu futhi siyaziqhenya ngokunisingatha,” esho.
IMeya yoMkhandlu weTheku ukujabulele kakhulu ukusingathwaa iTheku nokuzokuba noMthelela omkhulu ukuthuthukisa umnotho.


Kwesobunxele uMnuz Cyril Xaba, uMfu Musa Zondi, uNkz Particia Delille, uMnuz Paul Mashatile noMnuz Thami Ntuli