KULINDELEKE UKUTHI UKUSEBENZA KWAMATEKISI AMABANGA AMADE KUNGABI NAZIHIBE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KULINDELEKE ukuthi ukuqala kokusebenza kwamatekisi amabanga amade namuhla, kungabi nazihibe.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nezokuHlaliswa koMphakathi uMnuz Siboniso Duma, izolo ngemuva kokuvumelana nabamatekisi
angaphansi kwenhlangano iDurban Station Long-distance Association okubalwa aseYMCA nawaseDurban Station.
“Sikhulumile savumelana ngalokhu akade bekhala ngakho. Amaphepha bazokuwathola kusasa lawa akade bekhala ngawo,” kubeka uNgqongqoshe uDuma.
Uthi baphinde baqoka ithimba elizogada liphinde libheke ukusebenza ukuze kungabi nazihibe.
Uthi leli thimba lizokwazi ukusebenzisana naye ukuze kugwenywe izinkinga ezigcina zihlukumeza sbagibeli.
Lesi siteleka bese sesidonse isikhathi eside, abanikazi bamatekisi angaphansi kwenhlangano iDurban Station Long-distance Association bakhala ngokuthathelwa izimoto zabo, abathi zithathwa amaphoyisa ngaphansi kwe-Oparation Shanela,
ingcapha bayikhomba
kuMnyango wezikuThutha.
