Uncategorised

UMCHUNU UHLAKAZE ITHIMBA LABAPHENYI WALINQUMELA UGWAYI KATIKI UKUBA LIBUYE NOMBIKO

UMBIKO : BUSISIWE ZONDI

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuZwelonke uMnu Senzo Mchunu, uhlakaze uphiko olwasungulelwa ukuxazulula amacala okubulawa kosopolitiki ezweni ( SAPS Task Team).
UMchunu ubhalele umkhuzi wamaphoyisa kuZwelonke uLt General Fannie Masemola, emazisa ngokuhlakaza lolu phiko emuva kokungagculiseki kwakhe ngomsebenzi walo uphiko.
UMchunu uthe sekuyisikhathi lukhona kodwa imisebenzi yalo ayiveli kahle, ngakho kuzomele luhlakazwe,” kusho uNgqongqoshe uMchunu. Kulezi zinyangana ngaphambi kokuthi unyaka uphele, ngithe ukugxila ngibhekisise izinto ezimqoka emaphoyiseni. Kule ncwadi ngibheke lolu phiko oludinga ukubukelwa eduze, lwe Political Task Team. Ngokwami ngithi cha aluhlakazwe ngoba akubonakali okwenzekayo ngalo,” esho.
Uqhube wathi lolu phiko selokhu lakhiwa ngo 2019 , inhloso kwakuwukunqanda ukubulawa kosopolitiki eMzansi, ikakhulukazi eKZN, kuphenywe kabanzi ngokufa kwabo bese kuxazululeka namacala anzima ukuxazululeka.
UMchunu ube esecela lolu phiko ukuthi luhlanganise umbiko walo, bese luwethula kuye. Uphinde wathi zizoqina kakhulu ezokuphepha emingceleni yaseMzansi kuqiniswe nemithetho kugcwaliswe nezikhala emkhakheni wezongcweti.